2 Usamuweli 22:40-45 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

40. Wangibhincisa amandla okulwa;ababengivukele wabathobisa phansi kwami.

41. Wangifulathelisela izitha zami,nabangizondayo ngabaqothula.

42. Bakhala, kepha akubangakhoosindisayo,nakuJehova, kodwa akaze aphendula.

43. Ngabacolisisa njengothulilomhlabathi;ngabagxoba, ngabalahla njengensila ezitaladini.

44. “Wangikhulula ezimpini zabantubami;wangilonda ngaba yinhloko yabezizwe;abantu engingabaziyo bangikhonza.

45. Abafo bazithoba phansi kwami;banele ukungizwa nje ngendlebe,base bengilalela.

2 Usamuweli 22