2 Usamuweli 22:14-17 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

14. UJehova waduma ezulwini;oPhezukonke walizwakalisa izwi lakhe.

15. Wathuma imicibisholo,wabangquzula,yebo, nonyazi, wabadidizelisa.

16. Kwase kubonakala imisinga yamanzi;izisekelo zomhlaba zambulwangesijeziso sikaJehova,ngokufutha komoya wamakhala akhe.

17. Waselula isandla sakhe ephezulu,wangibamba;wangikhipha emanzini amaningi.

2 Usamuweli 22