2 Usamuweli 20:6-9 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

6. Wayesethi uDavide ku-Abishayi: “Manje uSheba indodana kaBikri uyakwenza okubi kakhulu kithi kuno-Abisalomu; thatha wena izinceku zenkosi yakho, umxoshe, funa azitholele imizi ebiyelweyo, asiphunyuke.”

7. Emva kwakhe kwaphuma amadoda kaJowabe, namaKhereti namaPheleti, namaqhawe onke; baphuma eJerusalema ukuba bamxoshe uSheba indodana kaBikri.

8. Besesetsheni elikhulu eliseGibeyoni, u-Amasa wafika ukubahlangabeza. UJowabe wayebhince isambatho sakhe sokulwa ayelokhu esigqoka; kusona lalikhona ibhande* elinenkemba emgodleni wayo elaligaxwe okhalweni lwakhe; yawa esehamba.

9. UJowabe wayesethi ku-Amasa: “Usaphila, mfowethu, na?” UJowabe wambamba u-Amasa ngesilevu ngesandla sakhe sokunene ukuba amange.

2 Usamuweli 20