Kodwa u-Amasa akayinakanga inkemba eyayisesandleni sikaJowabe; wamgwaza ngayo esiswini, wachithela izibilini zakhe emhlabathini; wafa engamphindanga. OJowabe no-Abishayi umfowabo bamxosha uSheba indodana kaBikri.