8. U-Abineri indodana kaNeri induna yempi kaSawule wayethathile u-Ishi Bosheti indodana kaSawule, wamwelisela eMahanayimi,
9. wambeka inkosi kwaGileyadi, nakuma-Ashurimi, naseJizreyeli, nakwa-Efrayimi noBenjamini, nakwa-Israyeli wonke.
10. U-Ishi Bosheti indodana kaSawule wayeneminyaka engamashumi amane ekuqaleni kwakhe ukubusa phezu kuka-Israyeli; wabusa iminyaka emibili. Kepha indlu yakwaJuda yamlandela uDavide.
11. Isikhathi uDavide eyinkosi ngaso eHebroni phezu kwendlu yakwaJuda sasiyiminyaka eyisikhombisa nezinyanga eziyisithupha.
12. U-Abineri indodana kaNeri nezinceku zika-Ishi Bosheti indodana kaSawule baphuma eMahanayimi, baya eGibeyoni.
13. UJowabe indodana kaSeruya nezinceku zikaDavide baphuma bahlangana ngasechibini laseGibeyoni; bahlala phansi, abanye ngalapha kwechibi, abanye ngalapho kwechibi.
14. U-Abineri wathi kuJowabe: “Ake zisuke izinsizwa, ziqakulizane phambi kwethu.”UJowabe wathi: “Mazisuke.”
15. Zase zisuka, zawela ngamanani, eziyishumi nambili kwaBenjamini naku-Ishi Bosheti indodana kaSawule, neziyishumi nambili ziyizinceku zikaDavide.