23. Wala nokho ukuchezuka; ngalokho u-Abineri wamgwaza esiswini ngesidunu somkhonto, waze waphuma emuva umkhonto; wawela khona, wafela khona lapho; kwathi bonke abafika endaweni u-Asaheli awele kuyo wafa, bema.
24. Kepha oJowabe no-Abishayi bamxosha u-Abineri; ilanga lashona befike ngasegqumeni lase-Ama elingaphambi kweGiya ngasendleleni yasehlane laseGibeyoni.
25. Abantwana bakwaBenjamini babuthana emva kuka-Abineri, baba yiviyo linye, bema esiqongweni segquma elithile.
26. U-Abineri wayesememeza kuJowabe, wathi: “Inkemba iyakudla njalonjalo na? Awazi yini ukuthi kuyakuba khona umunyu ekugcineni na? Koze kube nini ungabayali abantu ukuba babuye ekubalandeleni abafowabo na?”
27. UJowabe wathi: “Kuphila kukaNkulunkulu, uma ubungakhulumanga, ngempela abantu bonke bebeyakube sebenyukile kusasa ekuxosheni abafowabo.”
28. UJowabe wayesebetha icilongo; bonke abantu bema, ababe besamxosha u-Israyeli, futhi ababe besalwa.
29. U-Abineri nabantu bakhe badabula i-Araba bonke lobo busuku, bawela iJordani, badabula lonke iBitroni, bafika eMahanayimi.
30. UJowabe wabuya ekumxosheni u-Abineri; lapho esebuthile bonke abantu, kwasilala kuzo izinceku zikaDavide abantu abayishumi nesishiyagalolunye no-Asaheli.
31. Kepha izinceku zikaDavide zazibulele abakwaBenjamini nabaka-Abineri, kwafa abantu abangamakhulu amathathu namashumi ayisithupha.
32. Bamthatha u-Asaheli, bammbela ethuneni likayise elaliseBethlehema. UJowabe nabantu bakhe bahamba ubusuku bonke, kwasa beseHebroni.