2 Usamuweli 2:19-23 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

19. U-Asaheli wamxosha u-Abineri; ekuhambeni kwakhe akachezukanga ngakwesokunene nangakwesokhohlo ekumlandeleni u-Abineri.

20. U-Abineri wabheka emuva, wathi: “Ungu-Asaheli na?”Wathi: “Yimi.”

21. U-Abineri wayesethi kuye: “Chezukela ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo, ubambe enye yezinsizwa, uthathe izikhali zakhe.” Kepha u-Asaheli akavumanga ukuchezuka ekumlandeleni.

22. U-Abineri wabuye wathi ku-Asaheli: “Chezuka ekungilandeleni; yini ukuba ngikucekele phansi na? Ngingaphakamisa kanjani ubuso bami ngakuJowabe umfowenu na?”

23. Wala nokho ukuchezuka; ngalokho u-Abineri wamgwaza esiswini ngesidunu somkhonto, waze waphuma emuva umkhonto; wawela khona, wafela khona lapho; kwathi bonke abafika endaweni u-Asaheli awele kuyo wafa, bema.

2 Usamuweli 2