14. U-Abineri wathi kuJowabe: “Ake zisuke izinsizwa, ziqakulizane phambi kwethu.”UJowabe wathi: “Mazisuke.”
15. Zase zisuka, zawela ngamanani, eziyishumi nambili kwaBenjamini naku-Ishi Bosheti indodana kaSawule, neziyishumi nambili ziyizinceku zikaDavide.
16. Zabambana ngekhanda, zagwaza ngenkemba ohlangothini lwezimelene nazo, zawa kanyekanye; ngalokho leyo ndawo yabizwa ngokuthi iHelikati Hasurimi eliseGibeyoni.
17. Kwakuyimpi enzima ngalolo suku; u-Abineri wahlulwa kanye nabantu bakwa-Israyeli phambi kwezinceku zikaDavide.