Yayisisuka inkosi, yahlala esangweni. Kwathiwa kubo bonke abantu: “Bhekani, inkosi ihlezi esangweni.” Base befika abantu bonke phambi kwenkosi. Kepha abakwa-Israyeli babebalekele, kwaba yilowo nalowo etendeni lakhe.