4. Yayisithi inkosi kubo: “Okuhle emehlweni enu ngiyakukwenza.” Inkosi yema ngaseceleni kwesango, bonke abantu baphuma ngamakhulu nangezinkulungwane.
5. Inkosi yabayaleza oJowabe no-Abishayi no-Ithayi, yathi: “Anoyiphatha kahle insizwa ngenxa yami, ngisho u-Abisalomu.” Bonke abantu bezwa, lapho inkosi iyaleza zonke izinduna ngo-Abisalomu.
6. Base bephumela endle ukulwa no-Israyeli, kwaliwa ehlathini lakwa-Efrayimi.
7. Abantu bakwa-Israyeli banqotshwa lapho phambi kwezinceku zikaDavide, kwakukhona ukubulalana okukhulu ngalolo suku, abantu abayizinkulungwane ezingamashumi amabili.
8. Ngokuba impi yahlakazeka khona ezweni lonke, ihlathi laqeda abantu abaningi ngalolo suku kunabadliwa yinkemba.
9. U-Abisalomu wasuka wahlangana nezinceku zikaDavide. U-Abisalomu wayekhwele umnyuzi* wakhe, umnyuzi wangena phansi kwehlozi le-oki,* ikhanda lakhe labambelela e-okini, waphakanyiselwa emkhathini wezulu nomhlaba; umnyuzi obuphansi kwakhe wadlula.
10. Umuntu othile wakubona, wamtshela uJowabe, wathi: “Bheka, ngibone u-Abisalomu ephanyekekile e-okini.”*
11. UJowabe wathi kumuntu omtshelileyo: “Bheka, ukubonile, awumjuqanga ngani khona, awele phansi, na? Nga ngikunikile izinhlamvu eziyishumi zesiliva nebhande.”*