16. UJowabe wayesebetha icilongo, abantu babuya ekumxosheni u-Israyeli, ngokuba uJowabe wabagodla abantu.
17. Bamthatha u-Abisalomu, bamlahla emgodini omkhulu ehlathini, babeka phezu kwakhe inqwaba enkulu kakhulu yamatshe; bonke abakwa-Israyeli, kwaba yilowo nalowo, babalekela ematendeni abo.
18. U-Abisalomu esekhona wayethathe insika, wazimisela yona esiGodini seNkosi, ngokuba wathi: “Anginandodana yokukhumbuzela igama lami.” Wayiqamba insika ngegama lakhe; ithiwa isikhumbuzo sika-Abisalomu kuze kube namuhla.
19. U-Ahimahasi indodana kaSadoki wayesethi: “Ake ngigijime, ngiyibikele inkosi ukuthi uJehova uyiphindisele ezitheni zayo.”
20. UJowabe wathi kuye: “Awuyikuba ngumbiki wendaba namuhla, kepha uyakubika ngolunye usuku; namuhla awuyikubika lutho, ngokuba indodana yenkosi ifile.”