2 Usamuweli 18:12-24 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

12. Wathi-ke umuntu kuJowabe: “Noma bengiyakukhokhelwa izinhlamvu eziyinkulungwane zesiliva esandleni sami, nokho bengingayikuselulela isandla sami endodaneni yenkosi, ngokuba ezindlebeni zethu inkosi yakuyala wena no-Abishayi no-Ithayi ukuthi: ‘Yilondeni insizwa u-Abisalomu.’

13. Uma bengisebenzile inkohliso ngokuphila kwakhe, njengokuba kungekho nto efihlwa enkosini, nawe uqobo ngabe umelene nami.”

14. Wayesethi uJowabe: “Anginakulibala kanje nawe.” Wathatha imikhonto emithathu ngesandla sakhe, wambhokoda u-Abisalomu enhliziyweni esezwa, ephakathi kwe-oki.*

15. Izinsizwa eziyishumi ezaziphethe izikhali zikaJowabe zamzungeza, zamshaya u-Abisalomu, zambulala.

16. UJowabe wayesebetha icilongo, abantu babuya ekumxosheni u-Israyeli, ngokuba uJowabe wabagodla abantu.

17. Bamthatha u-Abisalomu, bamlahla emgodini omkhulu ehlathini, babeka phezu kwakhe inqwaba enkulu kakhulu yamatshe; bonke abakwa-Israyeli, kwaba yilowo nalowo, babalekela ematendeni abo.

18. U-Abisalomu esekhona wayethathe insika, wazimisela yona esiGodini seNkosi, ngokuba wathi: “Anginandodana yokukhumbuzela igama lami.” Wayiqamba insika ngegama lakhe; ithiwa isikhumbuzo sika-Abisalomu kuze kube namuhla.

19. U-Ahimahasi indodana kaSadoki wayesethi: “Ake ngigijime, ngiyibikele inkosi ukuthi uJehova uyiphindisele ezitheni zayo.”

20. UJowabe wathi kuye: “Awuyikuba ngumbiki wendaba namuhla, kepha uyakubika ngolunye usuku; namuhla awuyikubika lutho, ngokuba indodana yenkosi ifile.”

21. Wayesethi uJowabe kumKushe: “Hamba, uyitshele inkosi okubonileyo.” UmKushe wamkhothamela uJowabe, wagijima.

22. U-Ahimahasi indodana kaSadoki wabuye wathi kuJowabe: “Noma kanjani, ake ngigijime nami, ngimlandele umKushe.”Kepha uJowabe wathi: “Uyakugijimelani wena mntanami, lokhu kungekho mvuzo wombiko kuwe, na?”

23. Wathi: “Noma kanjani, ake ngigijime.”Wathi kuye: “Gijima.” Wayesegijima u-Ahimahasi ngendlela yasethafeni, wamdlula umKushe.

24. UDavide wayehlezi emkhathini wamasango omabili; umlindi wakhuphukela ophahleni lwesango ngasogangeni, waphakamisa amehlo akhe, wabheka, nanguya umuntu egijima eyedwa.

2 Usamuweli 18