11. UJowabe wathi kumuntu omtshelileyo: “Bheka, ukubonile, awumjuqanga ngani khona, awele phansi, na? Nga ngikunikile izinhlamvu eziyishumi zesiliva nebhande.”*
12. Wathi-ke umuntu kuJowabe: “Noma bengiyakukhokhelwa izinhlamvu eziyinkulungwane zesiliva esandleni sami, nokho bengingayikuselulela isandla sami endodaneni yenkosi, ngokuba ezindlebeni zethu inkosi yakuyala wena no-Abishayi no-Ithayi ukuthi: ‘Yilondeni insizwa u-Abisalomu.’
13. Uma bengisebenzile inkohliso ngokuphila kwakhe, njengokuba kungekho nto efihlwa enkosini, nawe uqobo ngabe umelene nami.”
14. Wayesethi uJowabe: “Anginakulibala kanje nawe.” Wathatha imikhonto emithathu ngesandla sakhe, wambhokoda u-Abisalomu enhliziyweni esezwa, ephakathi kwe-oki.*
15. Izinsizwa eziyishumi ezaziphethe izikhali zikaJowabe zamzungeza, zamshaya u-Abisalomu, zambulala.
16. UJowabe wayesebetha icilongo, abantu babuya ekumxosheni u-Israyeli, ngokuba uJowabe wabagodla abantu.
17. Bamthatha u-Abisalomu, bamlahla emgodini omkhulu ehlathini, babeka phezu kwakhe inqwaba enkulu kakhulu yamatshe; bonke abakwa-Israyeli, kwaba yilowo nalowo, babalekela ematendeni abo.
18. U-Abisalomu esekhona wayethathe insika, wazimisela yona esiGodini seNkosi, ngokuba wathi: “Anginandodana yokukhumbuzela igama lami.” Wayiqamba insika ngegama lakhe; ithiwa isikhumbuzo sika-Abisalomu kuze kube namuhla.
19. U-Ahimahasi indodana kaSadoki wayesethi: “Ake ngigijime, ngiyibikele inkosi ukuthi uJehova uyiphindisele ezitheni zayo.”
20. UJowabe wathi kuye: “Awuyikuba ngumbiki wendaba namuhla, kepha uyakubika ngolunye usuku; namuhla awuyikubika lutho, ngokuba indodana yenkosi ifile.”
21. Wayesethi uJowabe kumKushe: “Hamba, uyitshele inkosi okubonileyo.” UmKushe wamkhothamela uJowabe, wagijima.
22. U-Ahimahasi indodana kaSadoki wabuye wathi kuJowabe: “Noma kanjani, ake ngigijime nami, ngimlandele umKushe.”Kepha uJowabe wathi: “Uyakugijimelani wena mntanami, lokhu kungekho mvuzo wombiko kuwe, na?”
23. Wathi: “Noma kanjani, ake ngigijime.”Wathi kuye: “Gijima.” Wayesegijima u-Ahimahasi ngendlela yasethafeni, wamdlula umKushe.