2 Usamuweli 17:26-29 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

26. O-Israyeli no-Abisalomu bamisa ezweni lakwaGileyadi.

27. Kwathi uDavide esefikile eMahanayimi, uShobi indodana kaNahashi waseRaba labantwana bakwa-Amoni, noMakiri indodana ka-Amiyeli waseLo Debari, noBarizilayi wakwaGileyadi waseRogelimi

28. baletha amacansi, nemicengezi, nezitsha zebumba, nokolweni, nebhali,* nempuphu notshwele, nobhontshisi, nembumba, nenhlosa,

29. nezinyosi, namangqanga, nezimvu, noshizi* wezinkomo kuDavide nabantu ababe naye ukuba badle, ngokuba bathi: “Abantu balambile, bakhathele, bomile ehlane.”

2 Usamuweli 17