1. U-Ahithofeli wathi futhi ku-Abisalomu: “Mangikhethe manje abantu abayizinkulungwane eziyishumi nambili, ngisuke ngimxoshe uDavide ngalobu busuku,
2. ngimfikele ekhathele, eyethile, ngimesabise; bonke abantu abanye bayakubaleka, ngibulale inkosi kuphela,
3. ngibuyisele kuwe bonke abantu; umuntu omfunayo unjengokungathi bonke babuyile; bonke abantu bayakuba nokuthula.”
4. Leli zwi lamjabulisa u-Abisalomu nawo onke amalunga akwa-Israyeli.
5. Wayesethi u-Abisalomu: “Mawumbize noHushayi umArki, sizwe okusemlonyeni wakhe naye.”
6. UHushayi esefikile ku-Abisalomu, u-Abisalomu wakhuluma kuye, wathi: “U-Ahithofeli ukhulume kanjalo; siyakwenza njengokusho kwakhe na? Uma kungenjalo, khuluma wena.”
7. UHushayi wathi ku-Abisalomu: “Isiluleko u-Ahithofeli eluleke ngaso manje asisihle.”
8. Wathi futhi uHushayi: “Uyamazi uyihlo nabantu bakhe ukuthi bangamaqhawe nokuthi bacasukile ezinhliziyweni zabo njengebhere* elaphucwe amazinyane alo endle; uyihlo uyindoda yempi, akayikuhlala nabantu.
9. Bheka, manje ucashile emgodini noma kwenye indawo; kuyakuthi lapho esebafikela ekuqaleni nje, okuzwayo athi: ‘Abantu abalandela u-Abisalomu banqotshiwe;’
10. naye onesibindi, onhliziyo yakhe injengenhliziyo yengonyama, uyakuphela amandla, ngokuba wonke u-Israyeli uyazi ukuthi uyihlo uyiqhawe, nabanaye bangamadoda anamandla.
11. “Ngalokho ngiyaluleka ukuba wonke u-Israyeli abuthane kuwe, kusukela kwaDani kuze kufike eBeri Sheba, ngangesihlabathi esingasolwandle ngobuningi, wena uqobo lwakho uye empini.