2 Usamuweli 15:4-20 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

4. U-Abisalomu wathi futhi: “Sengathi ngingenziwa umahluleli ezweni, kuze kimi wonke umuntu onecala nendaba, ngimenzele ukulunga.”

5. Kwathi lapho kusondela umuntu ukuba akhuleke kuye, waselula isandla sakhe, wambamba, wamanga.

6. Wenze njalo u-Abisalomu kubo bonke abakwa-Israyeli abeza enkosini ngamacala; u-Abisalomu weba izinhliziyo zabantu bakwa-Israyeli.

7. Kwathi ngasekupheleni kweminyaka engamashumi amane u-Abisalomu wathi enkosini: “Mangihambe ukugcwalisa isithembiso sami engasethembisa kuJehova eHebroni.

8. Ngokuba inceku yakho yenza isithembiso ngisahlezi eGeshuri lase-Aramu sokuthi: ‘Uma uJehova engibuyisela impela eJerusalema, ngiyakumkhonza uJehova.’ ”

9. Inkosi yathi kuye: “Hamba ngokuthula.” Wayesesuka, waya eHebroni.

10. Kepha u-Abisalomu wathuma izinhloli ezizweni zonke zakwa-Israyeli ngokuthi: “Lapho nizwa ukukhala kwecilongo, anothi: ‘U-Abisalomu uyinkosi eHebroni.’ ”

11. Kwahamba no-Abisalomu abantu abangamakhulu amabili, bebiziwe bephuma eJerusalema; bahamba bemsulwa, bengazi lutho nakanci.

12. U-Abisalomu wathuma walanda u-Ahithofeli umGiloni, umluleki kaDavide, emzini wakubo waseGilo, esanikela ngemihlatshelo. Uzungu lwaqina, abantu banda njalo ku-Abisalomu.

13. Kwafika umbiki kuDavide, wathi: “Izinhliziyo zabantu bakwa-Israyeli zilandela u-Abisalomu.”

14. UDavide wayesethi ezincekwini zakhe zonke ezazinaye eJerusalema: “Sukani, sibaleke, ngokuba, uma singenzi njalo, akuyikuphunyuka muntu kithi phambi kuka-Abisalomu; sheshani, nimuke, funa asifice masinyane, asehlisele okubi, awuchithe umuzi ngosiko lwenkemba.”

15. Izinceku zenkosi zathi enkosini: “Noma yintoni engayikhetha inkosi yethu, inkosi bheka, nazi izinceku zakho.”

16. Yayisiphuma inkosi, bonke abendlu bayo beyilandela. Inkosi yashiya abesifazane abayishumi abayizancinza ukuba balinde indlu.

17. Yaphuma-ke inkosi, bonke abantu beyilandela; bahlala eBeti Hamerhaki.

18. Zonke izinceku zadlula eceleni kwakhe kanye nawo onke amaKhereti nawo onke amaPheleti; nawo onke amaGiti, abantu abangamakhulu ayisithupha, ayeyilandela esuka eGati, adlula phambi kwenkosi.

19. Inkosi yayisithi ku-Ithayi umGiti: “Nawe uhambelani nathi na? Buya uhlale nenkosi, ngokuba ungumfokazi nomxoshwa endaweni yakho.

20. Ufikile izolo nje; ngikuzulazulise nathi yini namuhla, ngisahamba lapho ngiya khona, na? Buya wena, ubuyise nabafowenu; umusa neqiniso makube nawe.”

2 Usamuweli 15