2 Usamuweli 15:35-37 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

35. Abakho lapho nawe oSadoki no-Abiyathara abapristi na? Kuyakuthi konke okuzwayo endlini yenkosi ukutshele oSadoki no-Abiyathara abapristi.

36. Bheka, kukhona lapho nabo amadodana abo amabili, o-Ahimahasi indodana kaSadoki noJonathani indodana ka-Abiyathara; niyakuthuma kimi ngesandla sabo konke eniyakukuzwa.”

37. UHushayi, umngane kaDavide, wayesengena emzini; u-Abisalomu wangena eJerusalema.

2 Usamuweli 15