2 Usamuweli 15:32-34 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

32. Kwathi ukuba uDavide adundubale esiqongweni, lapho kukhulekwa khona kuNkulunkulu, bheka, kwamhlangabeza uHushayi umArki, ibhantshi lakhe liklebhukile, enomhlabathi ekhanda lakhe.

33. UDavide wathi kuye: “Uma uhamba nami, uyakuba ngumthwalo kimi;

34. kepha uma ubuyela emzini, uthi ku-Abisalomu: ‘Ngiyakuba yinceku yakho, nkosi; kade ngiyinceku kayihlo, manje ngiyakuba yinceku yakho,’ khona uyakungishafisela amasu ka-Ahithofeli.

2 Usamuweli 15