23. Wayesesuka uJowabe wahamba, waya eGeshuri, wamletha u-Abisalomu eJerusalema.
24. Inkosi yathi: “Makaye endlini yakhe, angaboni nokho ubuso bami.” Wayeseya u-Abisalomu endlini yakhe, akabubona ubuso benkosi.
25. Kwa-Israyeli wonke kwakungekho muntu omuhle njengo-Abisalomu owababazeka kakhulu, kungekho sici kuye kusukela ematheni onyawo kuze kube sokhakhayini.
26. Nxa ephucula ikhanda lakhe ngokuba wayelokhu eliphucula njalo ngasekupheleni komnyaka, lokhu izinwele zakhe zamsinda; ngalokho waziphucula wazilinganisa izinwele zekhanda lakhe, zalingana namashekeli* angamakhulu amabili ngesisindo senkosi.
27. U-Abisalomu wazalelwa amadodana amathathu nendodakazi inye egama layo linguTamari; yayingowesifazane obukeka emuhle.
28. U-Abisalomu wahlala eJerusalema iminyaka emibili epheleleyo, engabuboni ubuso benkosi.