14. Ngokuba simelwe ukufa, sinjengamanzi achithwa emhlabathini, angenakuqoqwa futhi; uNkulunkulu akasusi ukuphila, kepha uqamba amasu ukuba oxoshiweyo angabi ngumxoshwa kuye.
15. “Ngalokho-ke lokhu ngize ukukhuluma leli zwi enkosini yami, inkosi, kungokuba abantu bengesabisile; incekukazi yakho yayisithi: ‘Mangikhulume enkosini; mhlawumbe inkosi iyakwenza izwi lencekukazi yayo.
16. Ngokuba inkosi iyakuzwa, yophule incekukazi yayo esandleni somuntu oyakungichitha mina nendodana yami efeni likaNkulunkulu.’