6. Wayeselala phansi u-Amnoni, wazishaya ogulayo; isifikile inkosi ukumbona, u-Amnoni wathi enkosini: “Ake kuze uTamari udadewethu, enze amaqebelengwane amabili phambi kwami ukuba ngidle esandleni sakhe.”
7. UDavide wayesethumela endlini kaTamari ngokuthi: “Hamba manje, uye endlini ka-Amnoni umnewenu, umlungisele ukudla.”
8. Wayesehamba uTamari, waya endlini ka-Amnoni umnewabo; wayelele phansi. Wathatha inhlama, wayixova, wenza amaqebelengwane phambi kwakhe, wapheka amaqebelengwane.
9. Wayesethatha ikhanzi, wawathulula phambi kwakhe; kepha wala ukudla. U-Amnoni wathi: “Khipha bonke abantu kimi.” Baphuma bonke kuye.
10. Wayesethi u-Amnoni kuTamari: “Letha ukudla ekamelweni lami ukuba ngidle esandleni sakho.” UTamari wawathatha amaqebelengwane awenzileyo, wawangenisa ekamelweni ku-Amnoni umnewabo.
11. Lapho ewasondeza kuye ukuba awadle, wambamba, wathi kuye: “Woza ulale nami, dadewethu.”
12. Yena wathi kuye: “Qha, mnewethu, ungangiphoqi, ngokuba akufanele ukuba kwenziwe kanjalo kwa-Israyeli; ungenzi lobu buwula.
13. Mina-ke ngingayaphi nehlazo lami na? Nawe uyakuba njengomunye weziwula zakwa-Israyeli. Ngalokho ake ukhulume nenkosi, ngokuba ayiyikunginqabela nawe.”
14. Akavumanga nokho ukulalela izwi lakhe, kepha ngokuba wayenamandla kunaye, wamphoqa, walala naye.
15. U-Amnoni wayesemzonda ngenzondo enkulu kakhulu, ngokuba inzondo amzonda ngayo yaba nkulu kunothando akade emthanda ngalo. U-Amnoni wathi kuye: “Vuka uhambe.”
16. Yena wayesethi kuye: “Lobu bubi bokungixosha bukhulu kunalokho okunye okwenze kimi.” Kepha akavumanga ukumlalela.
17. Wayesebiza inceku yakhe eyayisebenza kuye, wathi: “Khiphela phandle lo wesifazane, asuke kimi, uhluthulele emnyango emva kwakhe.”
18. Wayenengubo enemibala, ngokuba amadodakazi enkosi ayeyizintombi ayegqoka izingubo ezinjalo. Leyo nceku yayisimkhiphela phandle, yahluthulela emnyango emva kwakhe.
19. UTamari wayesezithela ngomlotha ekhanda, wayiklebhula ingubo yakhe enemibala owayeyigqokile, wathwala izandla ekhanda, wamuka, ehamba ekliwula.