2 Usamuweli 13:5-16 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

5. Wayesethi uJonadaba kuye: “Lala embhedeni wakho, uzishaye ogulayo; lapho eseza uyihlo ukukubona, uthi kuye: ‘Ake kuze uTamari udadewethu, angiphe ukudla, akulungise ukudla emehlweni ami ukuba ngikubone, ngikudle esandleni sakhe.’ ”

6. Wayeselala phansi u-Amnoni, wazishaya ogulayo; isifikile inkosi ukumbona, u-Amnoni wathi enkosini: “Ake kuze uTamari udadewethu, enze amaqebelengwane amabili phambi kwami ukuba ngidle esandleni sakhe.”

7. UDavide wayesethumela endlini kaTamari ngokuthi: “Hamba manje, uye endlini ka-Amnoni umnewenu, umlungisele ukudla.”

8. Wayesehamba uTamari, waya endlini ka-Amnoni umnewabo; wayelele phansi. Wathatha inhlama, wayixova, wenza amaqebelengwane phambi kwakhe, wapheka amaqebelengwane.

9. Wayesethatha ikhanzi, wawathulula phambi kwakhe; kepha wala ukudla. U-Amnoni wathi: “Khipha bonke abantu kimi.” Baphuma bonke kuye.

10. Wayesethi u-Amnoni kuTamari: “Letha ukudla ekamelweni lami ukuba ngidle esandleni sakho.” UTamari wawathatha amaqebelengwane awenzileyo, wawangenisa ekamelweni ku-Amnoni umnewabo.

11. Lapho ewasondeza kuye ukuba awadle, wambamba, wathi kuye: “Woza ulale nami, dadewethu.”

12. Yena wathi kuye: “Qha, mnewethu, ungangiphoqi, ngokuba akufanele ukuba kwenziwe kanjalo kwa-Israyeli; ungenzi lobu buwula.

13. Mina-ke ngingayaphi nehlazo lami na? Nawe uyakuba njengomunye weziwula zakwa-Israyeli. Ngalokho ake ukhulume nenkosi, ngokuba ayiyikunginqabela nawe.”

14. Akavumanga nokho ukulalela izwi lakhe, kepha ngokuba wayenamandla kunaye, wamphoqa, walala naye.

15. U-Amnoni wayesemzonda ngenzondo enkulu kakhulu, ngokuba inzondo amzonda ngayo yaba nkulu kunothando akade emthanda ngalo. U-Amnoni wathi kuye: “Vuka uhambe.”

16. Yena wayesethi kuye: “Lobu bubi bokungixosha bukhulu kunalokho okunye okwenze kimi.” Kepha akavumanga ukumlalela.

2 Usamuweli 13