2 Usamuweli 13:29-39 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

29. Izinceku zika-Abisalomu zenza ku-Amnoni njengokuyala kuka-Abisalomu. Amadodana onke enkosi ayesesuka, yileyo naleyo yakhwela umnyuzi* wayo, abaleka.

30. Kwathi besesendleleni, kwafika izwi kuDavide, lithi: “U-Abisalomu ubulele onke amadodana enkosi, akusalanga neyodwa yawo.”

31. Inkosi yayisisuka, yaklebhula izingubo zayo, yalala emhlabathini, nazo zonke izinceku zema lapho, izingubo zazo ziklebhukile.

32. UJonadaba indodana kaShimeya umfowabo kaDavide waphendula wathi: “Inkosi yami mayingathi babulele izinsizwa zonke, amadodana enkosi, lokhu ngu-Amnoni yedwa ofileyo; ngokuba lokho kwakunqunyiwe ngomlomo ka-Abisalomu kusukela kulolo suku aphoqa ngalo udadewabo uTamari.

33. Ngalokho inkosi yami, inkosi, mayingabeki le nto enhliziyweni yayo yokuthi onke amadodana enkosi afile, ngokuba ngu-Amnoni yedwa ofileyo.”

34. Kepha u-Abisalomu wabaleka. Insizwa elindayo yaphakamisa amehlo ayo, yabuka; bheka, kwaqhamuka abantu abaningi ngasendleleni yentaba emva kwayo.

35. UJonadaba wathi enkosini: “Bheka, amadodana enkosi ayeza; kunjalo njengokusho kwenceku yakho.”

36. Kwathi eseqedile ukukhuluma, bheka, afika amadodana enkosi, adazuluka, akhala; nenkosi nazo zonke izinceku zayo zakhala ngokukhala okukhulu kakhulu.

37. Kepha u-Abisalomu wabaleka, waya kuTalimayi indodana ka-Amihudi, inkosi yaseGeshuri. UDavide walilela indodana yakhe zonke izinsuku.

38. Wabaleka-ke u-Abisalomu, waya eGeshuri, wahlala khona iminyaka emithathu.

39. Inkosi uDavide yalangazelela ukuya ku-Abisalomu, ngokuba yayisiduduzekile ngo-Amnoni ibona ukuthi sewafa.

2 Usamuweli 13