2 Usamuweli 13:25-27 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

25. Inkosi yathi ku-Abisalomu: “Qha, ndodana yami, masingahambi sonke, funa sikusinde.” Wayicindezela; nokho ayivumanga ukuhamba, kodwa yambusisa.

26. U-Abisalomu wayesethi: “Uma kunjalo, makahambe nathi umfowethu u-Amnoni.”Inkosi yathi: “Uyakuhambelani nawe na?”

27. U-Abisalomu wayicindezela, yaze yavuma ukuba u-Amnoni nawo onke amadodana ahambe naye.

2 Usamuweli 13