2 Usamuweli 13:11-25 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

11. Lapho ewasondeza kuye ukuba awadle, wambamba, wathi kuye: “Woza ulale nami, dadewethu.”

12. Yena wathi kuye: “Qha, mnewethu, ungangiphoqi, ngokuba akufanele ukuba kwenziwe kanjalo kwa-Israyeli; ungenzi lobu buwula.

13. Mina-ke ngingayaphi nehlazo lami na? Nawe uyakuba njengomunye weziwula zakwa-Israyeli. Ngalokho ake ukhulume nenkosi, ngokuba ayiyikunginqabela nawe.”

14. Akavumanga nokho ukulalela izwi lakhe, kepha ngokuba wayenamandla kunaye, wamphoqa, walala naye.

15. U-Amnoni wayesemzonda ngenzondo enkulu kakhulu, ngokuba inzondo amzonda ngayo yaba nkulu kunothando akade emthanda ngalo. U-Amnoni wathi kuye: “Vuka uhambe.”

16. Yena wayesethi kuye: “Lobu bubi bokungixosha bukhulu kunalokho okunye okwenze kimi.” Kepha akavumanga ukumlalela.

17. Wayesebiza inceku yakhe eyayisebenza kuye, wathi: “Khiphela phandle lo wesifazane, asuke kimi, uhluthulele emnyango emva kwakhe.”

18. Wayenengubo enemibala, ngokuba amadodakazi enkosi ayeyizintombi ayegqoka izingubo ezinjalo. Leyo nceku yayisimkhiphela phandle, yahluthulela emnyango emva kwakhe.

19. UTamari wayesezithela ngomlotha ekhanda, wayiklebhula ingubo yakhe enemibala owayeyigqokile, wathwala izandla ekhanda, wamuka, ehamba ekliwula.

20. U-Abisalomu umnewabo wathi kuye: “Umnewenu u-Amnoni kade enawe na? Thula, dadewethu; ungumnewenu, ungabeki inhliziyo yakho kule nto.” UTamari wahlala eyisikhwebu nje endlini ka-Abisalomu umnewabo.

21. Isizwile inkosi uDavide zonke lezo zinto yathukuthela kakhulu.

22. U-Abisalomu akakhulumanga okuhle noma okubi, ngokuba u-Abisalomu wamzonda u-Amnoni, lokhu emphoqile udadewabo uTamari.

23. Kwathi emva kweminyaka emibili epheleleyo u-Abisalomu wayenabagundi bezimvu eBali Hasori eliseduze no-Efrayimi; u-Abisalomu wamema onke amadodana enkosi.

24. U-Abisalomu waya enkosini, wathi: “Bheka, inceku yakho inabagundi; mayihambe inkosi nezinceku zayo nenceku yakho.”

25. Inkosi yathi ku-Abisalomu: “Qha, ndodana yami, masingahambi sonke, funa sikusinde.” Wayicindezela; nokho ayivumanga ukuhamba, kodwa yambusisa.

2 Usamuweli 13