2 Usamuweli 13:1-3 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Kwathi emva kwalokho u-Abisalomu indodana kaDavide wayenodadewabo obukekayo ogama lakhe linguTamari; u-Amnoni indodana kaDavide wamthanda.

2. U-Amnoni wajilajileka waze wagula ngenxa kadadewabo uTamari, ngokuba wayeyintombi; kwakungenakwenzeka emehlweni ka-Amnoni ukwenza lutho kuye.

3. Kepha u-Amnoni wayenomngane ogama lakhe linguJonadaba indodana kaShimeya umfowabo kaDavide; uJonadaba wayengumuntu onobuqili kakhulu.

2 Usamuweli 13