2 Usamuweli 13:1-11 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Kwathi emva kwalokho u-Abisalomu indodana kaDavide wayenodadewabo obukekayo ogama lakhe linguTamari; u-Amnoni indodana kaDavide wamthanda.

2. U-Amnoni wajilajileka waze wagula ngenxa kadadewabo uTamari, ngokuba wayeyintombi; kwakungenakwenzeka emehlweni ka-Amnoni ukwenza lutho kuye.

3. Kepha u-Amnoni wayenomngane ogama lakhe linguJonadaba indodana kaShimeya umfowabo kaDavide; uJonadaba wayengumuntu onobuqili kakhulu.

4. Wathi kuye: “Uzacelani kanjalo wena ndodana yenkosi imihla ngemihla na? Ungengitshele na?”Wathi u-Amnoni kuye: “Ngithanda uTamari udadewabo ka-Abisalomu umfowethu.”

5. Wayesethi uJonadaba kuye: “Lala embhedeni wakho, uzishaye ogulayo; lapho eseza uyihlo ukukubona, uthi kuye: ‘Ake kuze uTamari udadewethu, angiphe ukudla, akulungise ukudla emehlweni ami ukuba ngikubone, ngikudle esandleni sakhe.’ ”

6. Wayeselala phansi u-Amnoni, wazishaya ogulayo; isifikile inkosi ukumbona, u-Amnoni wathi enkosini: “Ake kuze uTamari udadewethu, enze amaqebelengwane amabili phambi kwami ukuba ngidle esandleni sakhe.”

7. UDavide wayesethumela endlini kaTamari ngokuthi: “Hamba manje, uye endlini ka-Amnoni umnewenu, umlungisele ukudla.”

8. Wayesehamba uTamari, waya endlini ka-Amnoni umnewabo; wayelele phansi. Wathatha inhlama, wayixova, wenza amaqebelengwane phambi kwakhe, wapheka amaqebelengwane.

9. Wayesethatha ikhanzi, wawathulula phambi kwakhe; kepha wala ukudla. U-Amnoni wathi: “Khipha bonke abantu kimi.” Baphuma bonke kuye.

10. Wayesethi u-Amnoni kuTamari: “Letha ukudla ekamelweni lami ukuba ngidle esandleni sakho.” UTamari wawathatha amaqebelengwane awenzileyo, wawangenisa ekamelweni ku-Amnoni umnewabo.

11. Lapho ewasondeza kuye ukuba awadle, wambamba, wathi kuye: “Woza ulale nami, dadewethu.”

2 Usamuweli 13