2 Usamuweli 12:19-31 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

19. Kepha uDavide ebona ukuthi izinceku zakhe ziyanyenyezelana, uDavide waqonda ukuthi umntwana ufile; uDavide wayesethi ezincekwini zakhe: “Usefile umntwana na?”Zathi: “Ufile.”

20. UDavide wayesevuka emhlabathini, wageza, wazigcoba, waphendulela izingubo zakhe, wangena endlini kaJehova, wakhuleka; wayeseya endlini yakhe; lapho esecela ukudla, bakubeka phambi kwakhe, wadla.

21. Zase zithi izinceku zakhe kuye: “Yintoni le oyenzileyo na? Wazila ukudla, wakhala ngomntwana esekhona, kepha lapho esefile, uvukile wadla.”

22. Wathi-ke yena: “Umntwana esekhona ngazila ukudla, ngakhala, ngokuba ngathi: Ngubani owaziyo ingabe uJehova uyakuba nomusa kimi ukuba umntwana aphile na?

23. Manje usefile; ngiyakuzilelani na? Ngingambuyisa yini? Ngiyakuya kuye, kepha yena akayikubuyela kimi.”

24. UDavide wamduduza uBati Sheba umkakhe, wangena kuye, walala naye; wazala indodana, waqamba igama layo ngokuthi uSolomoni. UJehova wamthanda.

25. Wathuma ngesandla sikaNathani umprofethi, wambiza ngokuthi uJedidiya* ngenxa kaJehova.

26. UJowabe walwa neRaba labantwana bakwa-Amoni, wathatha umuzi wenkosi.

27. UJowabe wathuma izithunywa kuDavide, wathi: “Ngilwe neRaba, yebo, ngathatha uMuzi Wamanzi.

28. Ngalokho butha abantu abaseleyo, umise ngakuwo umuzi, uwuthathe, funa mina ngiwuthathe umuzi, ubizwe ngegama lami.”

29. UDavide wayesebutha bonke abantu, waya eRaba, walwa nalo, walithatha.

30. Wathatha umqhele wenkosi yabo ekhanda layo; isisindo sawo sasiyitalenta* legolide, itshe eliyigugu likuwo; wabekwa ekhanda likaDavide; wakhipha emzini impango eningi kakhulu.

31. Wakhipha nabantu ababe phakathi kwawo, wababeka emasaheni, nasezibhuqweni zensimbi, nasemazembeni ensimbi, wabasebenzisa kohonela; wenze njalo kuyo yonke imizi yakwa-Amoni. UDavide nabo bonke abantu babuyela eJerusalema.

2 Usamuweli 12