2 Usamuweli 12:1-9 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. UJehova wayesethuma uNathani kuDavide. Wafika kuye, wathi kuye: “Kwakukhona amadoda amabili emzini munye, enye icebile, enye impofu.

2. Ecebileyo yayinezimvu nezinkomo eziningi kakhulu,

3. kepha empofu yayingenalutho, inexhukazana lilinye elincane nje kuphela, eyayilithengile yalondla; lakhulela kuyo nakubantwana bayo; ladla ucezu lwayo, laphuza esitsheni sayo, lalala esifubeni sayo, lalinjengendodakazi kuyo.

4. “Kwase kufika isihambi endodeni ecebileyo, yayeka ukuthatha ezimvini nasezinkomeni zayo ukusilungisela leso sihambi esasifike kuyo, kepha yathatha ixhukazana lendoda empofu, yalilungisela umuntu owayefike kuyo.”

5. Intukuthelo kaDavide yavutha kakhulu ngalowo muntu, wathi kuNathani: “Kuphila kukaJehova, umuntu owenze lokho ufanele ukufa;

6. uyakulibuyisa ixhukazana, liphindwe kane, ngokuba enze lokho nangokuba wayengenasihawu.”

7. UNathani wathi kuDavide: “Nguwe lowo muntu. Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Ngakugcoba ube yinkosi phezu kuka-Israyeli, ngakophula esandleni sikaSawule,

8. ngakunika indlu yenkosi yakho, nabafazi benkosi yakho esifubeni sakho, ngakupha indlu yakwa-Israyeli neyakwaJuda; uma lokho bekukuncane, ngangiyakukwenezela lokhu nalokho.

9. Udeleleleni izwi likaJehova ukuba wenze okubi emehlweni akhe na? Ubulele u-Uriya umHeti ngenkemba, wathatha umkakhe abe ngumkakho, wambulala ngenkemba yabantwana bakwa-Amoni.

2 Usamuweli 12