5. Owesifazane wamitha, wathuma wamtshela uDavide, wathi: “Ngikhulelwe.”
6. UDavide wayesethumela kuJowabe ngokuthi: “Thuma kimi u-Uriya umHeti.” UJowabe wamthuma u-Uriya kuDavide.
7. Esefikile kuye u-Uriya, uDavide wabuza kuye impilo yakhe, nempilo yabantu, nokuthi impi ihamba kanjani.
8. UDavide wayesethi ku-Uriya: “Yehla uye endlini yakho, ugeze izinyawo zakho.” U-Uriya waphuma endlini yenkosi, kwamlandela isipho sokudla esivela enkosini.
9. Kepha u-Uriya walala ngasemnyango wendlu yenkosi kanye nazo zonke izinceku zenkosi yakhe, akehlelanga endlini yakhe.
10. UDavide esetsheliwe ukuthi u-Uriya akehlelanga endlini yakhe, uDavide wathi ku-Uriya: “Awubuyi ekuhambeni yini? Awehlelanga ngani endlini yakho na?”
11. U-Uriya wathi kuDavide: “Umphongolo, no-Israyeli, noJuda bahlezi emadokodweni; inkosi yami uJowabe nezinceku zenkosi yami zimisile endle; mina-ke, pho, ngingene endlini yami, ngidle, ngiphuze, ngilale nomkami na? Kuphila kwakho nokuphila komphefumulo wakho, angiyikuyenza leyo nto.”
12. Wayesethi uDavide ku-Uriya: “Hlala lapha nanamuhla; kusasa ngiyakukuvumela ukuba uhambe.” U-Uriya wayesehlala eJerusalema lolo suku nolulandelayo.
13. Esebiziwe nguDavide wadla waphuza phambi kwakhe; wamdakisa; kusihlwa waphuma ukuyolala embhedeni wakhe kanye nezinceku zenkosi, kepha akehlelanga endlini yakhe.
14. Kwathi ekuseni uDavide wamlobela uJowabe incwadi, wayithuma ngesandla sika-Uriya.
15. Waloba encwadini ukuthi: “Misani u-Uriya ngaphambili, lapho impi ishisa khona, nihlehle kuye ukuba ashaywe, afe.”
16. Kwathi uJowabe esahlozinga umuzi, wammisa u-Uriya endaweni lapho azi ukuthi kukhona amadoda anamandla.
17. Abantu bomuzi baphuma balwa noJowabe; kwawa abantu abathile ezincekwini zikaDavide; wafa naye u-Uriya umHeti.