2 Usamuweli 11:15-18 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

15. Waloba encwadini ukuthi: “Misani u-Uriya ngaphambili, lapho impi ishisa khona, nihlehle kuye ukuba ashaywe, afe.”

16. Kwathi uJowabe esahlozinga umuzi, wammisa u-Uriya endaweni lapho azi ukuthi kukhona amadoda anamandla.

17. Abantu bomuzi baphuma balwa noJowabe; kwawa abantu abathile ezincekwini zikaDavide; wafa naye u-Uriya umHeti.

18. UJowabe wayesethuma wamtshela uDavide zonke izindaba zempi;

2 Usamuweli 11