2 Usamuweli 11:1-13 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Emva komnyaka ngesikhathi sokuhlasela kwamakhosi uDavide wamthuma uJowabe nezinceku zakhe zinaye kanye no-Israyeli wonke, babachitha abantwana bakwa-Amoni, bavimbezela iRaba; kepha uDavide wahlala eJerusalema.

2. Kwathi kusihlwa uDavide wavuka embhedeni, wahamba ophahleni lwendlu yenkosi, wabona esesophahleni owesifazane egeza; owesifazane wayemuhle kakhulu, ebukeka.

3. UDavide wathuma wabuza ngalowo wesifazane. Omunye wathi: “Lowo akasiye uBati Sheba yini, indodakazi ka-Eliyamu, umka-Uriya umHeti, na?”

4. UDavide wathuma izithunywa, wamthatha; wangena kuye, walala naye, ngokuba wayesehlambulukile yena ekungcoleni kwakhe; wabuyela ekhaya.

5. Owesifazane wamitha, wathuma wamtshela uDavide, wathi: “Ngikhulelwe.”

6. UDavide wayesethumela kuJowabe ngokuthi: “Thuma kimi u-Uriya umHeti.” UJowabe wamthuma u-Uriya kuDavide.

7. Esefikile kuye u-Uriya, uDavide wabuza kuye impilo yakhe, nempilo yabantu, nokuthi impi ihamba kanjani.

8. UDavide wayesethi ku-Uriya: “Yehla uye endlini yakho, ugeze izinyawo zakho.” U-Uriya waphuma endlini yenkosi, kwamlandela isipho sokudla esivela enkosini.

9. Kepha u-Uriya walala ngasemnyango wendlu yenkosi kanye nazo zonke izinceku zenkosi yakhe, akehlelanga endlini yakhe.

10. UDavide esetsheliwe ukuthi u-Uriya akehlelanga endlini yakhe, uDavide wathi ku-Uriya: “Awubuyi ekuhambeni yini? Awehlelanga ngani endlini yakho na?”

11. U-Uriya wathi kuDavide: “Umphongolo, no-Israyeli, noJuda bahlezi emadokodweni; inkosi yami uJowabe nezinceku zenkosi yami zimisile endle; mina-ke, pho, ngingene endlini yami, ngidle, ngiphuze, ngilale nomkami na? Kuphila kwakho nokuphila komphefumulo wakho, angiyikuyenza leyo nto.”

12. Wayesethi uDavide ku-Uriya: “Hlala lapha nanamuhla; kusasa ngiyakukuvumela ukuba uhambe.” U-Uriya wayesehlala eJerusalema lolo suku nolulandelayo.

13. Esebiziwe nguDavide wadla waphuza phambi kwakhe; wamdakisa; kusihlwa waphuma ukuyolala embhedeni wakhe kanye nezinceku zenkosi, kepha akehlelanga endlini yakhe.

2 Usamuweli 11