4. UHanuni wayesebamba izinceku zikaDavide, waphucula inxenye yezilevu zazo, wahina izingubo zazo phakathi kwaze kwaba sezinqeni zazo, wazimukisa.
5. Lapho sebemtshela uDavide lokho, wathumela ukuzihlangabeza, ngokuba ayenamahloni kakhulu lawo madoda. Yathi inkosi: “Hlalani eJeriko, zize zihlume izilevu zenu, bese nibuya.”
6. Abantwana bakwa-Amoni sebebone ukuthi banengekile kuDavide, abakwa-Amoni bathuma baqasha ama-Aramu aseBeti Rehobe nama-Aramu aseSoba, imigundatshani eyizinkulungwane ezingamashumi amabili, nenkosi yaseMahakha inabantu abayinkulungwane, nabantu baseThobi beyizinkulungwane eziyishumi nambili.
7. UDavide esezwile lokho wamthuma uJowabe nempi yonke yamaqhawe.
8. Abantwana bakwa-Amoni baphuma, bahlela impi ngasesikhaleni sesango; ama-Aramu aseSoba naseRehobe, nabantu baseThobi, nabaseMahakha babebodwa endle.
9. Kepha uJowabe esebona ukuthi izimpondo zempi zimhaqile ngaphambili nangasemuva wakhetha kwabakhethekileyo bakwa-Israyeli, wabahlela ukuba balwe nama-Aramu;
10. abantu abaseleyo wababeka esandleni sika-Abishayi umfowabo, wabahlela ukuba balwe nabantwana bakwa-Amoni.