2 Usamuweli 1:14-21 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

14. UDavide wathi kuyo: “Yini ukuba ungesabanga ukwelula isandla sakho, ubhubhise ogcotshiweyo kaJehova, na?”

15. UDavide wayesebiza enye yezinsizwa, wathi: “Sondela, umsukele.” Yamshaya waze wafa.

16. UDavide wathi kuye: “Igazi lakho malibe phezu kwekhanda lakho, ngokuba umlomo wakho ufakazile ngawe, lapho uthi: ‘Ngibulele ogcotshiweyo kaJehova.’ ”

17. UDavide walila ngalesi sililo ngoSawule noJonathani indodana yakhe,

18. wathi mabafundiswe abantwana bakwaJuda eyoMnsalo; bheka, silotshiwe eNcwadini Yoqotho.

19. “Udumo lwakho, Israyeli,lubulewe ezindaweni eziphakemeyo.Yeka ukuwa kwamaqhawe!

20. “Ningakusho eGati,ningakumemezeli ezitaladini zase-Ashikeloni,funa amadodakazi amaFilisti ajabule,namadodakazi abangasokile athokoze.

21. “Nina zintaba zaseGilibowa,makungabikho mazolo namvula phezu kwenu,nokugubha kotwa,ngokuba isihlangu samaqhawe santshingwa,isihlangu sikaSawule, singagcotshwanga ngamafutha.

2 Usamuweli 1