2 Usamuweli 1:13-24 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

13. Wathi uDavide kuyo insizwa eyayimtshelile: “Ungowaphi na?”Wathi: “Ngiyindodana yomuntu ogogobele nje, umAmaleki.”

14. UDavide wathi kuyo: “Yini ukuba ungesabanga ukwelula isandla sakho, ubhubhise ogcotshiweyo kaJehova, na?”

15. UDavide wayesebiza enye yezinsizwa, wathi: “Sondela, umsukele.” Yamshaya waze wafa.

16. UDavide wathi kuye: “Igazi lakho malibe phezu kwekhanda lakho, ngokuba umlomo wakho ufakazile ngawe, lapho uthi: ‘Ngibulele ogcotshiweyo kaJehova.’ ”

17. UDavide walila ngalesi sililo ngoSawule noJonathani indodana yakhe,

18. wathi mabafundiswe abantwana bakwaJuda eyoMnsalo; bheka, silotshiwe eNcwadini Yoqotho.

19. “Udumo lwakho, Israyeli,lubulewe ezindaweni eziphakemeyo.Yeka ukuwa kwamaqhawe!

20. “Ningakusho eGati,ningakumemezeli ezitaladini zase-Ashikeloni,funa amadodakazi amaFilisti ajabule,namadodakazi abangasokile athokoze.

21. “Nina zintaba zaseGilibowa,makungabikho mazolo namvula phezu kwenu,nokugubha kotwa,ngokuba isihlangu samaqhawe santshingwa,isihlangu sikaSawule, singagcotshwanga ngamafutha.

22. Egazini lababuleweyo nasemanoniniamaqhaweumnsalo kaJonathani awuphindelanga emuva,nenkemba kaSawule ayibuyelanga ize.

23. “OSawule noJonathanibabethandeka, bemnandi;ekuphileni nasekufeni kwabo kabahlukaniswanga;babenejubane kunezinkozi,babenamandla kunezingonyama.

24. “Nina madodakazi akwa-Israyeli,mkhaleleni uSawuleowanigqokisa kamnandi ngokubomvu,owavunulisa izambatho zenu ngezivunulo zegolide.

2 Usamuweli 1