5. Kepha iNkosi mayiqondise izinhliziyo zenu othandweni lukaNkulunkulu nasekubekezeleni kukaKristu.
6. Kodwa siyaniyala, bazalwane, egameni leNkosi uJesu Kristu ukuba nizahlukanise nabazalwane bonke abahamba ngokungafanele, bengahambi ngomyalo eniwamukele kithina.
7. Ngokuba nani niyazi ngokwenu ukuthi kufanele ukuba nisilingise kanjani, ngokuba asihambanga ngokungafanele phakathi kwenu,
8. asidlanga sinkwa samuntu ngesihle, kodwa sadla ngokukhandleka nangokukhathazeka, sisebenza ubusuku nemini ukuba singasindi muntu kini,
9. kungengokuba singenalo ilungelo, kodwa ukuze sizinikele sibe yisibonelo kini sokuba nisilingise.
10. Ngokuba nalapho sisekini, saniyala ngalokhu ukuthi: “Uma umuntu engathandi ukusebenza, makangadli.”