5. Anikhumbuli yini ukuthi ngisekhona kini nganitshela lokho na?
6. Senikwazi okumbambezelayo, ukuze ambulwe ngesikhathi sakhe.
7. Ngokuba imfihlakalo yokungabi namthetho isiyasebenza, kuphela ukuze kudediswe yena obambezelayo manje.
8. Lapho-ke uzakwambulwa lowo ongenamthetho, eyakumqeda iNkosi uJesu Kristu ngomoya womlomo wayo, imchithe ngokubonakala kokufika kwayo,
9. lowo okufika kwakhe kungokokusebenza kukaSathane ngawo onke amandla, nezibonakaliso, nezimangaliso zamanga,
10. nangayo yonke inkohliso yokungalungi kwababhubhayo, ngenxa yokuba bengavumanga ukuthanda iqiniso, ukuze basindiswe.
11. Ngalokho-ke uNkulunkulu ubathumela amandla okuduka, baze bakholwe ngamanga,