2 Kwabasethesalonika 2:1-8 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Kepha siyanxusa, bazalwane, mayelana nokufika kweNkosi yethu uJesu Kristu nokubuthanela kwethu kuyo,

2. ukuba ningasheshi ninyakaziswe engqondweni yenu, ningethuswa noma ngomoya, noma ngezwi, noma ngencwadi ngokungathi ivela kithi, sengathi usuku lukaKristu selufikile.

3. Makungabikho muntu onikhohlisayo nangayiphi indlela; ngokuba aluyikufika, kungaveli kuqala ukuhlubuka, kwambulwe umuntu ongenamthetho, indodana yokulahlwa,

4. omelana nakho konke, nozikhukhumeza phezu kwakho konke okuthiwa uNkulunkulu noma into ekhonzwayo, aze azihlalise ethempelini likaNkulunkulu ezishaya uNkulunkulu.

5. Anikhumbuli yini ukuthi ngisekhona kini nganitshela lokho na?

6. Senikwazi okumbambezelayo, ukuze ambulwe ngesikhathi sakhe.

7. Ngokuba imfihlakalo yokungabi namthetho isiyasebenza, kuphela ukuze kudediswe yena obambezelayo manje.

8. Lapho-ke uzakwambulwa lowo ongenamthetho, eyakumqeda iNkosi uJesu Kristu ngomoya womlomo wayo, imchithe ngokubonakala kokufika kwayo,

2 Kwabasethesalonika 2