2 Kwabasekorinte 8:14-17 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

14. ukuze kuthi ngalesi sikhathi inala yenu isize bona ekusweleni kwabo ukuba nenala yabo isize nina ekusweleni kwenu, kube khona ukulingana,

15. njengalokho kulotshiwe ukuthi:“Kowaba nokuningi kakusalanga,nowaba nokuncane kantulanga.”

16. Kepha makabongwe uNkulunkulu obeka enhliziyweni kaThithu le nkuthalo ngani,

17. ngokuba wamukela umyalo wethu, kepha naye ekhuthele kakhulu waphuma eza kini ngokuzithandela.

2 Kwabasekorinte 8