2 Kwabasekorinte 7:14-16 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

14. ngokuba uma ngake ngazincoma ngento kuyena ngani, angijabhiswanga; kepha njengokuba konke esakukhuluma kini kwakuyiqiniso, kanjalo nokuzibonga kwethu kuThithu kwaba yiqiniso.

15. Yebo, isihe sakhe sivamile kakhulu ngakini, lapho ekhumbula ukulalela kwenu nonke ukuthi namamukela ngokwesaba nangokuthuthumela.

16. Ngiyathokoza, ngokuba ezintweni zonke nginethemba ngani.

2 Kwabasekorinte 7