2 Kwabasekorinte 6:10-13 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

10. njengabadabukileyo kepha siyathokoza njalo, njengabampofu kepha sicebisa abaningi, njengabangenalutho kanti sinakho konke.

11. Umlomo wethu uvulekele ngakini nina baseKorinte, inhliziyo yethu yanulekile;

12. aninyinyekile kithi, kodwa ninyinyekile ezinhliziyweni zenu;

13. kepha ukuze kube khona ukwenanana, ngikhuluma njengakubantwana, yanulekani nani.

2 Kwabasekorinte 6