1. Kepha thina esisebenza kanye naye siyanincenga ukuba ningawamukeleli ize umusa kaNkulunkulu --
2. ngokuba uthi:“Ngesikhathi esihle ngikuzwile,nangosuku lwensindiso ngakuhlangulisa;”bheka, manje kuyisikhathi esihle kakhulu; bheka, manje kulusuku lwensindiso; --
3. asibekeli muntu nasinye isikhubekiso nangokukodwa, funa inkonzo yethu isolwe,
4. kepha kukho konke sizibonakalisa njengezikhonzi zikaNkulunkulu ekubekezeleni okukhulu, nasosizini, nasekusweleni, nasekubandezekeni,
5. nasekushayweni, nasekuboshweni, naseziyaluyalwini, nasekukhandlekeni, nasekuqwasheni, nasekuzileni ukudla,
6. nangenhlanzeko, nangokwazi, nangokubekezela, nangobumnene, nangoMoya oNgcwele, nangothando olungazenzisi,
7. nangezwi leqiniso, nangamandla kaNkulunkulu, nangezikhali zokulunga zesokunene nezesokhohlo,
8. ngodumo nangehlazo, ngokuhletshwa nangokutuswa, njengabakhohlisi kanti singabeqiniso,
9. njengabangaziwayo kanti saziwa kakhulu, njengabafayo kanti bheka, siyaphila, njengabalaywayo kanti asibulawa,
10. njengabadabukileyo kepha siyathokoza njalo, njengabampofu kepha sicebisa abaningi, njengabangenalutho kanti sinakho konke.
11. Umlomo wethu uvulekele ngakini nina baseKorinte, inhliziyo yethu yanulekile;