11. Ngakho lokhu sikwazi ukwesaba iNkosi, siyabancenga abantu; kepha sibonakalisiwe kuNkulunkulu; ngiyethemba ukuthi nakuye unembeza wenu sibonakalisiwe.
12. Asizincomi futhi kini, kodwa sininika ithuba lokuzibonga ngathi, ukuze nibe nakho okokuphendula abazibongayo ngokusemehlweni kungesikho okusenhliziyweni.
13. Ngokuba noma sigcwaneka, kungenxa kaNkulunkulu; noma sisangulukile, kungenxa yenu.
14. Ngokuba uthando lukaKristu luyasiqhubezela, sikubona lokhu ukuthi munye owafela bonke; ngakho-ke bonke sebafa;
15. wafela bonke, ukuze abaphilayo bangabe besaziphilela bona, kodwa baphilele yena owabafelayo, wabuye wavuka.
16. Kanjalo thina asisayikwazi umuntu ngokwenyama; nokuba besimazi uKristu ngokwenyama, nokho manje asisamazi.
17. Kanjalo uma umuntu ekuKristu, uyisidalwa esisha; okwakuqala kudlulile; bheka, sekuvele okusha.
18. Kepha konke kuvela kuNkulunkulu owenza ukuba sibuyisane naye ngoKristu, wasinika inkonzo yokubuyisana,