2 Kwabasekorinte 4:8-10 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

8. Siyacindezelwa nxazonke, kodwa asinyinyekile; siyaxakeka, kodwa asidikibali;

9. siyazingelwa, kodwa asidelwa; siwiswa phansi, kodwa asibhujiswa;

10. sithwele njalonjalo emzimbeni wethu ukufa kukaJesu, ukuze nokuphila kukaJesu kubonakaliswe emzimbeni wethu.

2 Kwabasekorinte 4