2 Kwabasekorinte 2:15-17 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

15. ngokuba siyiphunga elimnandi likaKristu kuNkulunkulu kubo abasindiswayo nakubo abalahlwayo,

16. kulaba siyiphunga lokufa kube ngukufa, kodwa kulabo siyiphunga lokuphila kube ngukuphila. Ngubani ongangalokho na?

17. Ngokuba asinjengabaningi abonakalisa izwi likaNkulunkulu ngenxa yenzuzo, kodwa njengabaqotho, njengabavela kuNkulunkulu sikhuluma phambi kukaNkulunkulu sikuKristu.

2 Kwabasekorinte 2