1. Lokhu kungokwesithathu ngiza kini.“Ngemilomo yawofakazi ababilinabathathu izindaba zonkeziyakuqiniswa.”
2. Besengishilo ngaphambili kulabo abakade bonile nakubo bonke abanye, nakalokhu ngisho ngaphambili -- ngisho manje ngingekho, njengalokho ngasho ngikhona ngokwesibili -- ukuthi nxa ngifika futhi, angiyikuyekethisa.
3. Ngokuba nifuna ubufakazi bokuthi kunguKristu okhulumayo kimi, yena ongebuthakathaka ngakini, kepha unamandla phakathi kwenu.