2 Kwabasekorinte 13:1-3 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Lokhu kungokwesithathu ngiza kini.“Ngemilomo yawofakazi ababilinabathathu izindaba zonkeziyakuqiniswa.”

2. Besengishilo ngaphambili kulabo abakade bonile nakubo bonke abanye, nakalokhu ngisho ngaphambili -- ngisho manje ngingekho, njengalokho ngasho ngikhona ngokwesibili -- ukuthi nxa ngifika futhi, angiyikuyekethisa.

3. Ngokuba nifuna ubufakazi bokuthi kunguKristu okhulumayo kimi, yena ongebuthakathaka ngakini, kepha unamandla phakathi kwenu.

2 Kwabasekorinte 13