1. Kumelwe ukuba ngizibonge noma kungasizi; kepha sengizakuphatha imibono nezambulo zeNkosi.
2. Ngiyamazi umuntu ekuKristu, sekuyiminyaka eyishumi nane -- nakuba wayesemzimbeni angazi, nakuba wayengaphandle komzimba angazi, nguNkulunkulu owaziyo -- onjalo wahlwithwa wayiswa kwelesithathu izulu.
3. Yebo, ngiyamazi umuntu onjalo -- nakuba wayesemzimbeni, nakuba wayengekho emzimbeni, angazi, nguNkulunkulu owaziyo --
4. ukuthi wahlwithwa wayiswa eParadisi*, wezwa amazwi angakhulumekiyo, okungavunyelwe ukuba umuntu awakhulume.
5. Ngonjalo ngizakuzibonga, kepha ngami uqobo angizukuzibonga, kuphela ngobuthakathaka bami.