16. Ngiyaphinda ngithi: Makungasho muntu ngami ukuthi ngiyisiwula; kepha noma kungaba njalo, nokho ngamukeleni njengesiwula, ukuze nami ngizibonge kancane.
17. Lokho engikushoyo ngalesi sibindi sokuzibonga, angikusho ngokweNkosi, kodwa ngikusho kungathi ngobuwula.
18. Lokhu abaningi bezibonga ngokwenyama, nami ngiyakuzibonga.
19. Ngokuba abayiziwula nibabekezelela ngenjabulo, lokhu ningabahlakaniphileyo,
20. ngokuba niyabekezela, uma umuntu enenza izigqila, uma enidla, uma enibamba, uma ezikhukhumeza, uma enishaya ebusweni.
21. Ngisho ngamahloni ukuthi kade sibuthakathaka. Kepha kulokho umuntu anesibindi ngakho -- ngikhuluma ngobuwula -- nami nginesibindi ngakho.
22. BangamaHeberu na? Nami. Bangaba-Israyeli na? Nami. Bayinzalo ka-Abrahama na? Nami.
23. Bayizikhonzi zikaKristu na? Ngikhulumisa okohlanya -- ngiyiso kakhulu kunabo; ekukhandlekeni kakhulu kunabo, nasekuboshweni kaningi kunabo, nasekushayweni okukhulu impela, nasezingozini zokufa ngezikhathi eziningi.
24. KubaJuda ngathola kahlanu imivimbo, kushiywa munye emashumini amane;
25. ngashaywa kathathu ngezinduku, ngakhandwa kanye ngamatshe, kathathu ngalinyalelwa umkhumbi, ngaba semanzini olwandle ubusuku bunye nemini;
26. ngangisekuhambeni kaningi, nasezingozini zemifula, nasezingozini zabaphangi, nasezingozini kwabakithi, nasezingozini kwabezizwe, nasezingozini emzini, nasezingozini ehlane, nasezingozini elwandle, nasezingozini kubazalwane bamanga,
27. ngokukhandleka nangokukhathazeka, kaningi ngokuqwasha ebusuku, ngokulamba nangokoma, kaningi ngokuzila ukudla, nasemakhazeni nangokuhambaze;
28. ngaphandle kwezinye izinto kukhona okungicindezelayo imihla yonke: ukukhathalela onke amabandla.
29. Ngubani obuthakathaka ngingebuthakathaka nami na? Ngubani okhubekiswayo kungavuthi kimi na?
30. Uma ngimelwe ukuzibonga, ngiyakuzibonga ngobuthakathaka bami.
31. UNkulunkulu noYise weNkosi uJesu, obongekayo phakade naphakade, uyazi ukuthi angiqambi amanga.
32. EDamaseku induna yenkosi u-Aretha yalinda umuzi wamaDamaseku ukuba ingibambe;