2 Kwabasekorinte 10:4-14 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

4. ngokuba izikhali zethu zokulwa kasizo ezenyama, kodwa ngaye uNkulunkulu zinamandla okubhidliza izinqaba, sichitha izizindlo,

5. nakho konke okudephileyo okuziphakamisela ukuthiyana nokumazi uNkulunkulu, namacebo onke siwathumbela ukumlalela uKristu;

6. futhi silungele ukujezisa ukungalaleli konke, nxa sekuphelele ukulalela kwenu.

7. Bhekani lokhu okuphambi kobuso. Uma umuntu ezethemba yena ukuthi ungokaKristu, makabuye aqonde lokhu ngokwakhe ukuthi, njengokuba yena engokaKristu, sinjalo nathi.

8. Ngokuba noma ngingaze ngizibonge ngaphezulwana ngamandla ethu eyasipha wona iNkosi ukuba nakhiwe kungengukuba nibhidlizwe, angiyikujabhiswa,

9. ukuze ngingabi njengokungathi benginethusa nje ngezincwadi.

10. Ngokuba izincwadi-ke bathi zinzima, zibukhali, kepha nxa ekhona ngomzimba, ubuthakathaka, ukukhuluma kwakhe kudelelekile.

11. Onjalo makaqonde lokhu ukuthi lokhu esiyikho ngamazwi ezincwadi nxa singekho, siyakuba yikho ngesenzo nxa sikhona.

12. Ngokuba asinasibindi sokuzilinganisa nokuzifanisa nabathile babo abazincomayo. Kodwa bona, nxa bezilinganisa ngezingqobo zabo, bezifanisa nezingqobo zabo, kaba namqondo.

13. Kepha thina asiyikuzibonga ngaphezu kokulinganisa, kodwa ngesilinganiso sendawo esiyisilinganiso asilinganisele sona uNkulunkulu, ukuze sifinyelele nakini.

14. Ngokuba asizeluli ngokweqisa ngokungathi asifinyeleli kini, ngokuba sifikile kwaze kwaba nakini ngevangeli likaKristu,

2 Kwabasekorinte 10