2 Kwabasekorinte 10:3-6 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

3. Ngokuba noma sihamba sisenyameni kasilwi ngokwenyama,

4. ngokuba izikhali zethu zokulwa kasizo ezenyama, kodwa ngaye uNkulunkulu zinamandla okubhidliza izinqaba, sichitha izizindlo,

5. nakho konke okudephileyo okuziphakamisela ukuthiyana nokumazi uNkulunkulu, namacebo onke siwathumbela ukumlalela uKristu;

6. futhi silungele ukujezisa ukungalaleli konke, nxa sekuphelele ukulalela kwenu.

2 Kwabasekorinte 10